34 UJoshuwa wasuka eLakishi, bonke abakwa-Israyeli benaye, waya e-Egiloni; bamisa malungana nalo, balwa nalo.
35 Balithatha ngalolo suku, balichitha ngosiko lwenkemba; nabo bonke ababekulo wabaqothula ngalolo suku njengakho konke abekwenzile kulo iLakishi.
36 UJoshuwa wakhuphuka e-Egiloni, bonke abakwa-Israyeli benaye, waya eHebroni, balwa nalo.
37 Balithatha, balichitha ngosiko lwenkemba kanye nenkosi yalo, nayo yonke imizi yalo, nabo bonke ababekulo; akashiyanga noyedwa owasalayo njengakho konke abekwenzile kulo i-Egiloni, waliqothula nabo bonke abakulo.
38 UJoshuwa wabuyela nabo bonke abakwa-Israyeli eDebiri, walwa nalo;
39 walithatha kanye nenkosi yalo nayo yonke imizi yalo, bayichitha ngosiko lwenkemba. Baqothula bonke ababekulo, akashiyanga noyedwa owasalayo; njengalokho ebenzile kulo iHebroni, wenze njalo kulo iDebiri nakuyo inkosi yalo, njengalokho ebenzile nakulo iLibina nakuyo inkosi yalo.
40 Wachitha-ke uJoshuwa izwe lonke, izintaba, neNingizimu, namathafa, nemithambeka, namakhosi onke alo; akashiyanga noyedwa owasalayo, kepha waqothula konke okuphefumulayo njengokuyala kukaJehova uNkulunkulu ka-Israyeli.