38 UJoshuwa wabuyela nabo bonke abakwa-Israyeli eDebiri, walwa nalo;
39 walithatha kanye nenkosi yalo nayo yonke imizi yalo, bayichitha ngosiko lwenkemba. Baqothula bonke ababekulo, akashiyanga noyedwa owasalayo; njengalokho ebenzile kulo iHebroni, wenze njalo kulo iDebiri nakuyo inkosi yalo, njengalokho ebenzile nakulo iLibina nakuyo inkosi yalo.
40 Wachitha-ke uJoshuwa izwe lonke, izintaba, neNingizimu, namathafa, nemithambeka, namakhosi onke alo; akashiyanga noyedwa owasalayo, kepha waqothula konke okuphefumulayo njengokuyala kukaJehova uNkulunkulu ka-Israyeli.
41 UJoshuwa wabachitha kusukela eKadeshi Barineya kuze kufike eGaza, nezwe lonke laseGosheni kuze kufike eGibeyoni.
42 Onke lawo makhosi nezwe lawo uJoshuwa wakuthatha ngasikhathi sinye, ngokuba uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli walwela u-Israyeli.
43 UJoshuwa wabuyela ekamu* laseGiligali, bonke abakwa-Israyeli benaye.