7 UJoshuwa wayesekhuphuka eGiligali, yena nabo bonke abantu bempi kanye naye, nawo onke amaqhawe anamandla.
8 UJehova wathi kuJoshuwa: “Ungabesabi, ngokuba ngibanikele ezandleni zakho; akuyikubakho muntu wabo ongema phambi kwakho.”
9 UJoshuwa wabafikela ngokuzumayo; wakhuphuka eGiligali ubusuku bonke.
10 UJehova wabangquzula ngaphambi kuka-Israyeli, wabaceka ngokuceka okukhulu ngaseGibeyoni, wabaxosha ngendlela ekhuphukela eBeti Horoni, wababulala kwaze kwaba se-Azeka naseMakheda.
11 Kwathi besabalekela u-Israyeli behla eBeti Horoni, uJehova wawisa phezu kwabo amatshe amakhulu, ehla ezulwini, baze bafika e-Azeka, bafa; babe baningi abafa ngesichotho kunababulawa ngu-Israyeli ngenkemba.
12 UJoshuwa wayesekhuluma kuJehova mhla uJehova enikela ama-Amori phambi kwabantwana bakwa-Israyeli, wathi ebusweni babakwa-Israyeli:“Langa, yima eGibeyoni,nawe nyanga, esigodini sase-Ajaloni.”
13 Lase lima ilanga, nenyanga yahlala,abantu baze baziphindisela ezitheni zabo.Akulotshiwe yini lokho eNcwadini Yolungileyo na? Ilanga lema phakathi nomkhathi, alisheshanga ukushona kungathi usuku lonke.