19 Akwabakho muzi owenza ukuthula nabantwana bakwa-Israyeli ngaphandle kwamaHivi akhileyo eGibeyoni; bayinqoba yonke ngokulwa.
20 Ngokuba kwavela kuJehova ukwenza lukhuni izinhliziyo zabo ukuba bahlangabezane no-Israyeli ngokulwa, ukuze abaqothule, angabahawukeli, kepha abachithe, njengalokho uJehova ebemyalile uMose.
21 UJoshuwa wafika ngaleso sikhathi, wanquma ama-Anaki ezintabeni eHebroni, naseDebiri, nase-Anabi, nasezintabeni zakwaJuda, nasezintabeni zakwa-Israyeli, uJoshuwa wawaqothula kanye nemizi yawo.
22 Akusalanga noyedwa kuwo ama-Anaki ezweni labantwana bakwa-Israyeli; asala eGaza kuphela, naseGati, nase-Ashidodi.
23 Wathatha-ke uJoshuwa izwe lonke njengakho konke uJehova abekukhulumile kuMose; uJoshuwa walinika u-Israyeli libe yifa lakhe ngokwezabelo zabo nezizwe zabo. Izwe lase liphumula ekulweni.