4 Aphuma wona nawo onke amabandla awo enawo, abantu abaningi, bengangesihlabathi esisogwini lolwandle ngobuningi, namahhashi nezinqola eziningi kakhulu.
5 Onke lawo makhosi ahlangana, eza amisa ndawonye ngasemanzini aseMerome ukuba alwe no-Israyeli.
6 UJehova wathi kuJoshuwa: “Ungesabi ngenxa yabo, ngokuba kusasa ngalesi sikhathi ngizakubanikela bonke bebulewe ngaphambi kuka-Israyeli; wena uyakunquma amahhashi abo imisipha, uzishise izinqola zabo ngomlilo.”
7 Wayesefika uJoshuwa nabo bonke abantu bempi benaye, babazuma ngasemanzini aseMerome, babadumela.
8 UJehova wabanikela esandleni sakwa-Israyeli, babanqoba, babaxosha kwaze kwaba seSidoni Elikhulu, naseMisirefoti Mayimi, nasesigodini saseMispa ngasempumalanga, bababulala, abaze bamshiyela noyedwa owasalayo.
9 UJoshuwa wenza kubo njengokumyala kukaJehova: wanquma amahhashi abo imisipha, wazishisa izinqola zabo ngomlilo.
10 UJoshuwa wabuya ngaleso sikhathi, wathatha iHasori, wabulala inkosi yalo ngenkemba, ngokuba iHasori laliyinhloko yayo yonke leyo mibuso kuqala.