21 nayo yonke imizi yasethafeni, nawo wonke umbuso kaSihoni inkosi yama-Amori owayebusa eHeshiboni, ambulalayo uMose kanye nezikhulu zakwaMidiyani, o-Evi, noRekemi, noSuri, noHure, noReba, izikhulu zikaSihoni ezazakhe kulelo zwe.
22 UBileyamu indodana kaBeyori, umbhuli, naye bambulala abantwana bakwa-Israyeli ngenkemba phakathi kwabanye ababulawa yibo.
23 Umkhawulo wabantwana bakwaRubeni wawuyiJordani nogu lwalo. Lelo laliyifa labantwana bakwaRubeni ngemindeni yabo, imizi nemizana yabo.
24 UMose wanika isizwe sakwaGadi, abantwana bakwaGadi, ngemindeni yaso.
25 Umkhawulo wabo wawuyiJazeri, nayo yonke imizi yakwaGileyadi, nenxenye yezwe labantwana bakwa-Amoni, kuze kufike e-Aroweri elingaphambi kweRaba,
26 kusukela eHeshiboni kuze kufike eRamati Mispa naseBethonimi, kusukela eMahanayimi kuze kufike emkhawulweni weDebiri;
27 nasesigodini: iBeti Haramu, neBeti Nimra, neSukoti, neSafoni, insali yombuso kaSihoni inkosi yaseHeshiboni, iJordani nogu lwalo, kuze kufike ekupheleni kolwandle lwaseKinereti phesheya kweJordani ngasempumalanga.