1 Lawa angamafa abawathathayo abantwana bakwa-Israyeli ezweni laseKhanani abababela wona u-Eleyazare umpristi, noJoshuwa indodana kaNuni, nezinhloko zawoyise bezizwe zabantwana bakwa-Israyeli,
2 ngenkatho yefa labo, njengalokho uJehova ebeyalile ngesandla sikaMose ngezizwe eziyisishiyagalolunye nangenxenye yesizwe.
3 Ngokuba uMose wayezinikile izizwe ezimbili nenxenye yesizwe ifa ngaphesheya kweJordani, kepha amaLevi akawanikanga ifa phakathi kwabo.
4 Ngokuba abantwana bakwaJosefa babe yizizwe ezimbili, oManase no-Efrayimi; abawanikanga amaLevi isabelo ezweni, kuphela imizi ukuhlala kuyo, namadlelo ayo ezinkomo zawo, neyemfuyo yawo.
5 Njengalokho uJehova amyala uMose, benze njalo abantwana bakwa-Israyeli, bahlukanisa izwe.
6 AbakwaJuda basondela kuJoshuwa eGiligali; uKalebi indodana kaJefune, umKhenizi, wathi kuye: “Uyalazi wena izwi uJehova alikhuluma kuMose umuntu kaNkulunkulu ngami nangawe eKadeshi Barineya.