3 Ngokuba uMose wayezinikile izizwe ezimbili nenxenye yesizwe ifa ngaphesheya kweJordani, kepha amaLevi akawanikanga ifa phakathi kwabo.
4 Ngokuba abantwana bakwaJosefa babe yizizwe ezimbili, oManase no-Efrayimi; abawanikanga amaLevi isabelo ezweni, kuphela imizi ukuhlala kuyo, namadlelo ayo ezinkomo zawo, neyemfuyo yawo.
5 Njengalokho uJehova amyala uMose, benze njalo abantwana bakwa-Israyeli, bahlukanisa izwe.
6 AbakwaJuda basondela kuJoshuwa eGiligali; uKalebi indodana kaJefune, umKhenizi, wathi kuye: “Uyalazi wena izwi uJehova alikhuluma kuMose umuntu kaNkulunkulu ngami nangawe eKadeshi Barineya.
7 Ngangineminyaka engamashumi amane lapho uMose, inceku kaJehova, wangithuma ngisuka eKadeshi Barineya ukuba ngihlole izwe, ngabuyisela izwi kuye njengokusenhliziyweni yami.
8 Kepha abafowethu abakhuphuka nami baqeda amandla enhliziyo yabantu, kodwa mina ngamlandela uJehova uNkulunkulu wami ngokupheleleyo.
9 UMose wafunga ngalolo suku, wathi: ‘Impela izwe unyawo lwakho olunyathele kulo liyakuba yifa lakho nelabantwana bakho kuze kube phakade, ngokuba umlandele uJehova uNkulunkulu wami ngokupheleleyo.’