57 neKayini, neGibeya, neThimna, imizi iyishumi nemizana yayo.
58 IHalihuli, neBeti Suri, neGedori,
59 neMaharati, neBeti Anoti, ne-Elitekoni, imizi iyisithupha nemizana yayo.
60 IKiriyati Bali eliyiKiriyati Jeharimi, neRaba, imizi mibili nemizana yayo.
61 Ehlane: iBeti Araba, neMidini, neSekaka,
62 neNibishani, noMuzi kaSawoti, ne-Eni Gedi, imizi iyisithupha nemizana yayo.
63 AmaJebusi ayakhe eJerusalema abantwana bakwaJuda babengenakuwaxosha, kepha amaJebusi ahlala nabantwana bakwaJuda eJerusalema kuze kube namuhla.