60 IKiriyati Bali eliyiKiriyati Jeharimi, neRaba, imizi mibili nemizana yayo.
61 Ehlane: iBeti Araba, neMidini, neSekaka,
62 neNibishani, noMuzi kaSawoti, ne-Eni Gedi, imizi iyisithupha nemizana yayo.
63 AmaJebusi ayakhe eJerusalema abantwana bakwaJuda babengenakuwaxosha, kepha amaJebusi ahlala nabantwana bakwaJuda eJerusalema kuze kube namuhla.