8 Izwe laseTaphuwa lalingelikaManase, kepha iTaphuwa elisemkhawulweni kaManase lalingelabantwana bakwa-Efrayimi.
9 Umkhawulo wehlela emfudlaneni iKhana ngaseningizimu komfula; leyo mizi yayingeka-Efrayimi phakathi kwemizi kaManase; umkhawulo kaManase wawungasenyakatho komfula; ukuphuma kwawo kwakuselwandle;
10 okwaseningizimu kwakungokuka-Efrayimi, okwasenyakatho kwakungokukaManase, ulwandle lwalungumkhawulo wakhe; bafinyelela kwa-Asheri ngasenyakatho nakwa-Isakare ngasempumalanga.
11 Kwa-Isakare nakwa-Asheri uManase wabelwa iBeti Sheyani kanye nemizana yalo, neJibileyamu kanye nemizana yalo, nabakhileyo eDori kanye nemizana yalo, nabakhileyo e-Eni Dori kanye nemizana yalo, nabakhileyo eThahanaki kanye nemizana yalo, nabakhileyo eMegido kanye nemizana yalo eyizimpakama ezintathu.
12 Kodwa abantwana bakwaManase babengenakunqoba leyo mizi; kepha amaKhanani ayethanda ukuhlala kulelo zwe.
13 Kwathi lapho abantwana bakwa-Israyeli sebeqinile, bawasebenzisa amaKhanani, abawaxoshanga ngokupheleleyo.
14 Abantwana bakwaJosefa bakhuluma kuJoshuwa, bathi: “Unginikeleni isabelo sibe sinye nje nesinqamu sibe sinye kuphela, kube yifa lami, lokhu ngiyisizwe esikhulu, njengokuba uJehova ungibusisile kuze kube manje, na?”