13 Umkhawulo wasuka lapho, waya eLuze eceleni kweLuze eliyiBethele ngaseningizimu; umkhawulo wawusehlela e-Atharoti Adari ngasentabeni engaseningizimu kwaseBeti Horoni laseNzansi.
14 Umkhawulo wasuka, wajika ngasohlangothini lwasentshonalanga ngaseningizimu, kusukela entabeni ephambi kweBeti Horoni ngaseningizimu; ukuphuma kwawo kwakungaseKiriyati Bali eliyiKiriyati Jeharimi, umuzi wabantwana bakwaJuda; lokho kwakuluhlangothi lwasentshonalanga.
15 Uhlangothi lwaseningizimu lwasuka ekupheleni kweKiriyati Jeharimi, umkhawulo waphuma waya ngasentshonalanga emthonjeni wamanzi aseNefitowa;
16 umkhawulo wawusehlela ngasekupheleni kwentaba engaphambi kwesigodi sendodana kaHinomu esiyisigodi samaRefa ngasenyakatho; wehlela esigodini sikaHinomu eceleni kwamaJebusi ngaseningizimu, wehlela e-Eni Rogeli;
17 wasuka enyakatho, waphuma e-Eni Shemeshi, waya eGeliloti elibhekene nommango wase-Adumimi, wehlela etsheni likaBohanu indodana kaRubeni;
18 wadlula waya eceleni elibhekene ne-Araba ngasenyakatho, wehlela e-Araba;
19 umkhawulo wadlula, waya eceleni kweBeti Hogila ngasenyakatho, ukuphuma komkhawulo kwakungasethekwini lasenyakatho koLwandle Lukasawoti ngasekugcineni kweJordani ngaseningizimu; lokho kwakungumkhawulo waseningizimu.