19 umkhawulo wadlula, waya eceleni kweBeti Hogila ngasenyakatho, ukuphuma komkhawulo kwakungasethekwini lasenyakatho koLwandle Lukasawoti ngasekugcineni kweJordani ngaseningizimu; lokho kwakungumkhawulo waseningizimu.
20 IJordani lalingumkhawulo walo ngasohlangothini lwasempumalanga. Lokho kwakuyifa labantwana bakwaBenjamini njengemikhawulo yabo nxazonke ngemindeni yabo.
21 Imizi yesizwe sabantwana bakwaBenjamini ngemindeni yabo yayiyiJeriko, neBeti Hogila, ne-Emeki Kesisi,
22 neBeti Araba, neSemarayimi, neBethele,
23 ne-Avimi, nePhara, ne-Ofira,
24 neKefari Amoni, ne-Ofini, neGeba, imizi iyishumi nambili nemizana yayo;
25 iGibeyoni, neRama, neBeyeroti,