8 Amadoda ayesesuka, ahamba; uJoshuwa wayala abahambayo ukuba balobe izwe, wathi: “Sukani nihambe ezweni, nililobe, nibuyele kimi, nginenzele inkatho phambi kukaJehova eShilo.”
9 Ayesehamba amadoda, adabula izwe, aliloba ngemizi, kwaba yizabelo eziyisikhombisa encwadini; afika kuJoshuwa ekamu* laseShilo.
10 UJoshuwa wawenzela inkatho eShilo phambi kukaJehova; uJoshuwa wababela khona abantwana bakwa-Israyeli izwe njengezabelo zalo.
11 Inkatho yadla isizwe sabantwana bakwaBenjamini ngemindeni yabo; umkhawulo wesabelo sabo waphuma phakathi kwabantwana bakwaJuda nabantwana bakwaJosefa.
12 Umkhawulo wabo ngasohlangothini lwasenyakatho waphuma eJordani; umkhawulo wenyuka eceleni kweJeriko ngasenyakatho, wakhuphukela ezintabeni ngasentshonalanga; ukuphuma kwawo kwakungasehlane laseBeti Aveni.
13 Umkhawulo wasuka lapho, waya eLuze eceleni kweLuze eliyiBethele ngaseningizimu; umkhawulo wawusehlela e-Atharoti Adari ngasentabeni engaseningizimu kwaseBeti Horoni laseNzansi.
14 Umkhawulo wasuka, wajika ngasohlangothini lwasentshonalanga ngaseningizimu, kusukela entabeni ephambi kweBeti Horoni ngaseningizimu; ukuphuma kwawo kwakungaseKiriyati Bali eliyiKiriyati Jeharimi, umuzi wabantwana bakwaJuda; lokho kwakuluhlangothi lwasentshonalanga.