4 ne-Elitoladi, neBethuli, neHorma,
5 neSikilagi, neBeti Marikaboti, neHasari Susa,
6 neBeti Lebawoti, neSharuheni, imizi iyishumi nantathu nemizana yayo;
7 i-Ayini, neRimoni, ne-Etere, ne-Ashani, imizi mine nemizana yayo,
8 nayo yonke imizana eyayinxazonke zaleyo mizi kuze kube seBalati Beri, iRama laseNingizimu. Lokho kwakuyifa lesizwe sabantwana bakwaSimeyoni ngemindeni yabo.
9 Ifa labantwana bakwaSimeyoni lavela esabelweni sabantwana bakwaJuda, ngokuba isabelo sabantwana bakwaJuda sasisikhulu kubo; ngalokho abantwana bakwaSimeyoni babenefa phakathi kwefa labo.
10 Inkatho yesithathu yadla abantwana bakwaZebuloni ngemindeni yabo; umkhawulo wefa labo wafika eSaridi;