48 Lokho kwakuyifa lesizwe sabantwana bakwaDani ngemindeni yabo, leyo mizi kanye nemizana yayo.
49 Base beqeda ukwabelana izwe libe yifa ngemikhawulo yalo; abantwana bakwa-Israyeli bamnika uJoshuwa indodana kaNuni ifa phakathi kwabo;
50 ngesiyalezo sikaJehova bamnika umuzi awucelayo, iThimnati Sera, ezintabeni zakwa-Efrayimi; wakha umuzi, wahlala kuwo.
51 Lawo angamafa abawabela ngenkatho u-Eleyazare umpristi, noJoshuwa indodana kaNuni, nezinhloko zawoyise bezizwe zabantwana bakwa-Israyeli eShilo phambi kukaJehova ngasemnyango wetende lokuhlangana. Baqeda-ke ukwabela izwe.