7 i-Ayini, neRimoni, ne-Etere, ne-Ashani, imizi mine nemizana yayo,
8 nayo yonke imizana eyayinxazonke zaleyo mizi kuze kube seBalati Beri, iRama laseNingizimu. Lokho kwakuyifa lesizwe sabantwana bakwaSimeyoni ngemindeni yabo.
9 Ifa labantwana bakwaSimeyoni lavela esabelweni sabantwana bakwaJuda, ngokuba isabelo sabantwana bakwaJuda sasisikhulu kubo; ngalokho abantwana bakwaSimeyoni babenefa phakathi kwefa labo.
10 Inkatho yesithathu yadla abantwana bakwaZebuloni ngemindeni yabo; umkhawulo wefa labo wafika eSaridi;
11 umkhawulo wabo wenyukela ngasentshonalanga kuze kube seMarala, wafinyelela naseDabesheti, wafinyelela nasemfuleni ongasempumalanga kwaseJokineyamu,
12 wajika wasuka eSaridi ngasempumalanga, lapho kuphuma khona ilanga, kuze kube semkhawulweni waseKisiloti Thabori, waphuma waya eDaberati, wenyukela eJafiya;
13 kusukela lapho wadlula waya ngasempumalanga eGati Heferi, nase-Eti Kasini, waphuma waya eRimoni elifika naseNeya;