9 Ifa labantwana bakwaSimeyoni lavela esabelweni sabantwana bakwaJuda, ngokuba isabelo sabantwana bakwaJuda sasisikhulu kubo; ngalokho abantwana bakwaSimeyoni babenefa phakathi kwefa labo.
10 Inkatho yesithathu yadla abantwana bakwaZebuloni ngemindeni yabo; umkhawulo wefa labo wafika eSaridi;
11 umkhawulo wabo wenyukela ngasentshonalanga kuze kube seMarala, wafinyelela naseDabesheti, wafinyelela nasemfuleni ongasempumalanga kwaseJokineyamu,
12 wajika wasuka eSaridi ngasempumalanga, lapho kuphuma khona ilanga, kuze kube semkhawulweni waseKisiloti Thabori, waphuma waya eDaberati, wenyukela eJafiya;
13 kusukela lapho wadlula waya ngasempumalanga eGati Heferi, nase-Eti Kasini, waphuma waya eRimoni elifika naseNeya;
14 umkhawulo wawusujika ngasenyakatho kwalo, waya eHanathoni; ukuphuma kwawo kwakungasesigodini saseJifitayeli;
15 neKathati, neNahalali, neShimroni, neJidala, neBetlehema, imizi iyishumi nambili nemizana yayo.