3 Inkosi yaseJeriko yathumela kuRahabi, yathi: “Khipha lawo madoda afikile kuwe, angena endlini yakho, ngokuba ezile ukuzohlola izwe lonke.”
4 Owesifazane wayesethatha lawo madoda omabili, wawathukusa, wathi: “Kunjalo; amadoda afika kimi, kepha ngangingazi ukuthi avelaphi;
5 kwathi ngesikhathi sokuvalwa kwesango lapho sekumnyama, amadoda aphuma; angazi ukuthi ayaphi lawo madoda; sheshani niwaxoshe, ngokuba niyakuwafica.”
6 Kepha wayewenyusele ophahleni, wawashumeka ezinhlangeni zefilakisi* abezihlelile ophahleni.
7 Abantu bawaxosha endleleni eya eJordani emazibukweni; sebephumile abawaxosha, bavala isango.
8 Engakalali, wenyukela kuwo ophahleni;
9 wathi kumadoda: “Ngiyazi ukuthi uJehova uninikile izwe, nokuthi sehlelwe ngukunesaba, nokuthi bonke abakhileyo ezweni baphela amandla phambi kwenu.