1 Kwasondela izinhloko zawoyise bamaLevi ku-Eleyazare umpristi, nakuJoshuwa indodana kaNuni, nakuzo izinhloko zawoyise bezizwe zabantwana bakwa-Israyeli,
2 bakhuluma kubo eShilo ezweni laseKhanani, bathi: “UJehova wayala ngesandla sikaMose ukuba siphiwe imizi ukuhlala kuyo kanye namadlelo ayo, abe ngawezinkomo zethu.”
3 Abantwana bakwa-Israyeli base bewanika amaLevi efeni labo njengesiyalezo sikaJehova le mizi kanye namadlelo ayo.
4 Inkatho yadla imindeni yamaKohati; abantwana bakwa-Aroni umpristi ababe ngamaLevi babelwa esizweni sakwaJuda, nasesizweni sakwaSimeyoni, nasesizweni sakwaBenjamini imizi eyishumi nantathu.
5 Abantwana abaseleyo bamaKohati babelwa emindenini yesizwe sakwa-Efrayimi, nasesizweni sakwaDani, nakuyo inxenye yesizwe sakwaManase imizi eyishumi.