5 Abantwana abaseleyo bamaKohati babelwa emindenini yesizwe sakwa-Efrayimi, nasesizweni sakwaDani, nakuyo inxenye yesizwe sakwaManase imizi eyishumi.
6 Abantwana bakwaGereshoni babelwa emindenini yesizwe sakwa-Isakare, nasesizweni sakwa-Asheri, nasesizweni sakwaNafetali, nakuyo inxenye yesizwe sakwaManase eBashani imizi eyishumi nantathu.
7 Abantwana bakwaMerari ngemindeni yabo babelwa esizweni sakwaRubeni, nasesizweni sakwaGadi, nasesizweni sakwaZebuloni imizi eyishumi nambili.
8 Abantwana bakwa-Israyeli bawanika amaLevi ngenkatho leyo mizi kanye namadlelo ayo, njengalokho uJehova ebeyalile ngesandla sikaMose.
9 Abelwa esizweni sabantwana bakwaJuda nasesizweni sabantwana bakwaSimeyoni lemizi eshiwo lapha ngamagama
10 yaba ngeyabantwana bakwa-Aroni bemindeni yamaKohati ayengamaLevi; ngokuba inkatho yokuqala yaba ngeyabo.
11 Bawanika umuzi ka-Araba owayenguyise ka-Anaki, oyiHebroni, ezintabeni zakwaJuda, kanye namadlelo awo nxa zonke zawo.