12 Abantwana bakwa-Israyeli sebezwile lokho, yonke inhlangano yabantwana bakwa-Israyeli yabuthana ngaseShilo ukuba ikhuphuke ilwe nabo.
13 Abantwana bakwa-Israyeli bathuma kubantwana bakwaRubeni nakubantwana bakwaGadi nakuyo inxenye yesizwe sakwaManase ezweni lakwaGileyadi uFinehasi indodana ka-Eleyazare umpristi,
14 nezikhulu eziyishumi kanye naye, isikhulu sibe sinye ngendlu kayise ezizweni zonke zakwa-Israyeli, yileso naleso siyinhloko yendlu kayise phakathi kwemindeni yakwa-Israyeli.
15 Bafika kubantwana bakwaRubeni nakubantwana bakwaGadi nakuyo inxenye yesizwe sakwaManase ezweni lakwaGileyadi, bakhuluma kubo, bathi:
16 “Isho kanje yonke inhlangano kaJehova, ithi: ‘Isiphambeko sini enisenzile kuNkulunkulu ka-Israyeli ukuba nibuye namuhla ekumlandeleni uJehova ngokuzakhela i-altare, nihlubuke namuhla uJehova.
17 Ububi basePeyori buncane yini kithi esingakazihlambululi kubo kuze kube namuhla, noma inhlangano kaJehova yehlelwa yisifo,
18 ukuba nibuye namuhla ekumlandeleni uJehova na? Kuzakuthi uma nihlubuka namuhla uJehova, athukuthelele yonke inhlangano ka-Israyeli kusasa.