10 kepha angithandanga ukumlalela uBileyamu, kodwa kakhulu wanibusisa, nganophula esandleni sakhe.
11 “ ‘Nase niwela iJordani, nafika eJeriko; amadoda aseJeriko alwa nani, nama-Amori, namaPherizi, namaKhanani, namaHeti, namaGirigashi, namaHivi, namaJebusi, ngawanikela esandleni senu.
12 Ngathuma iminyovu phambi kwenu eyawaxosha phambi kwenu amakhosi omabili ama-Amori, kungengankemba yakho noma ngomnsalo wakho.
13 Nganinika izwe eningakhandlekanga kulo, nemizi eningayakhanga nihlala nokho kuyo; niyadla ezivinini naseminqumeni eningakutshalanga.’
14 “Manje yesabani uJehova, nimkhonze ngobuqotho nangeqiniso, nisuse onkulunkulu ababakhonzayo oyihlo phesheya koMfula* naseGibithe, nimkhonze uJehova.
15 Uma kukubi emehlweni enu ukumkhonza uJehova, khethani namuhla ukuthi ngubani eniyakumkhonza, noma onkulunkulu ababakhonzayo oyihlo besengaphesheya koMfula,* noma onkulunkulu bama-Amori enihlala ezweni lawo; kepha mina nendlu yami siyakumkhonza uJehova.”
16 Abantu baphendula bathi: “Makube kude nathi ukumshiya uJehova ukuba sikhonze abanye onkulunkulu,