25 UJoshuwa wayesenza isivumelwano nabantu ngalolo suku, wabamisela isimiso nomthetho eShekemi.
26 UJoshuwa waloba lawo mazwi encwadini yomthetho kaNkulunkulu, wathatha itshe elikhulu, walimisa lapho phansi kwe-oki* elingasendlini engcwele kaJehova.
27 Wayesethi uJoshuwa kubo abantu bonke: “Bhekani, leli tshe liyakuba ngufakazi ngathi, ngokuba lizwile onke amazwi kaJehova awakhuluma kithi; ngalokho liyakuba ngufakazi ngani, funa nimphike uNkulunkulu wenu.”
28 UJoshuwa wayesebamukisa abantu, yilowo nalowo waya efeni lakhe.
29 Kwathi emva kwalezo zinto uJoshuwa indodana kaNuni, inceku kaJehova, wafa eneminyaka eyikhulu neshumi.
30 Bammbela emkhawulweni wefa lakhe eThimnati Sera elisezintabeni zakwa-Efrayimi ngasenyakatho kwentaba yakwaGahashi.
31 U-Israyeli wamkhonza uJehova zonke izinsuku zikaJoshuwa nazo zonke izinsuku zamalunga ayekhona izinsuku ezithile emva kukaJoshuwa, ayeyazi yonke imisebenzi kaJehova ayeyenzele u-Israyeli.