10 Wathi uJoshuwa: “Niyakwazi ngalokhu ukuthi uNkulunkulu ophilayo uphakathi kwenu nokuthi uyakuxosha nokuxosha phambi kwenu amaKhanani, namaHeti, namaHivi, namaPherizi, namaGirigashi, nama-Amori, namaJebusi.
11 Bhekani, umphongolo wesivumelwano seNkosi yomhlaba wonke uwela iJordani phambi kwenu.
12 Ngalokho zithatheleni manje amadoda ayishumi nambili ezizweni zakwa-Israyeli, indoda ibenye ngesizwe.
13 Kuyakuthi lapho amathe ezinyawo zabapristi abathwala umphongolo kaJehova, iNkosi yomhlaba wonke, eyakuma emanzini aseJordani, amanzi aseJordani anqamuke, amanzi avela ngenhla, eme nqwabanye.”
14 Kwathi lapho abantu besuka ematendeni abo ukuba bawele iJordani, abapristi abathwala umphongolo wesivumelwano bephambi kwabantu,
15 nalapho abathwala umphongolo sebefikile eJordani, izinyawo zabapristi abathwala umphongolo zicwilile onqenqemeni lwamanzi aseJordani eligcwele phezu kwalo lonke ugu lwalo izinsuku zonke zokuvuna,
16 ayesema amanzi avela ngenhla, afukuka aba nqwabanye kude kakhulu ngase-Adamu, umuzi oseceleni kweSaretani; lawo ewuka eya ngaseLwandle lwase-Araba, uLwandle Lukasawoti, anqamuka impela; abantu base bewela maqondana neJeriko.