4 Nokho kuyakuba khona ibanga phakathi kwenu nawo, lingangezingalo eziyizinkulungwane ezimbili ngokulinganisa, ningasondeli kuwo, ukuba nazi indlela eniyakuhamba ngayo, ngokuba anidlulanga ngale ndlela phambili.”
5 UJoshuwa wathi kubantu: “Zingcweliseni, ngokuba kusasa uJehova uyakwenza izimangaliso phakathi kwenu.”
6 UJoshuwa wakhuluma kubapristi, wathi: “Phakamisani umphongolo wesivumelwano, niwele phambi kwabantu.” Baphakamisa-ke umphongolo wesivumelwano, bahamba phambi kwabantu.
7 UJehova wathi kuJoshuwa: “Namuhla ngizakuqala ukukukhulisa emehlweni abo bonke abakwa-Israyeli ukuba bazi ukuthi njengalokho nganginoMose, kanjalo ngiyakuba nawe.
8 Wobayala abapristi abathwala umphongolo wesivumelwano, uthi: ‘Nxa senifikile onqenqemeni lwamanzi aseJordani, niyakuma ngaseJordani.’ ”
9 UJoshuwa wathi kubantwana bakwa-Israyeli: “Sondelani lapha, nizwe amazwi kaJehova uNkulunkulu wenu.”
10 Wathi uJoshuwa: “Niyakwazi ngalokhu ukuthi uNkulunkulu ophilayo uphakathi kwenu nokuthi uyakuxosha nokuxosha phambi kwenu amaKhanani, namaHeti, namaHivi, namaPherizi, namaGirigashi, nama-Amori, namaJebusi.