12 Abantwana bakwaRubeni, nabantwana bakwaGadi, nenxenye yesizwe sakwaManase bawela behlomile phambi kwabantwana bakwa-Israyeli, njengalokho uMose ebekhulumile kubo;
13 kwawela phambi kukaJehova kungathi abayizinkulungwane ezingamashumi amane behlomele ukulwa ukuba baphume impi, baye emathafeni aseJeriko.
14 Ngalolo suku uJehova wamkhulisa uJoshuwa emehlweni abo bonke abakwa-Israyeli; bamesaba njengalokho babemesaba uMose izinsuku zonke zokuhamba kwakhe.
15 UJehova wakhuluma kuJoshuwa, wathi:
16 “Yala abapristi abathwala umphongolo wesivumelwano ukuba benyuke eJordani.”
17 UJoshuwa wayala-ke abapristi, wathi: “Yenyukani eJordani.”
18 Kwathi lapho abapristi abathwala umphongolo wesivumelwano sikaJehova sebenyuke phakathi kweJordani, amathe ezinyawo zabapristi esefike emhlabathini owomileyo, amanzi aseJordani abuyela endaweni yawo, aphuphuma lonke ugu njengakuqala.