1 Kwathi onke amakhosi ama-Amori ayengaphesheya kweJordani ngasentshonalanga, nawo onke amakhosi amaKhanani ayengaselwandle esezwa ukuthi uJehova womise amanzi aseJordani phambi kwabantwana bakwa-Israyeli saze sawela, izinhliziyo zabo zaphela amandla, kungabe kusaba khona sibindi ngenxa yabantwana bakwa-Israyeli.
2 Ngaleso sikhathi uJehova wathi kuJoshuwa: “Zenzele omese bensengetsha, ubuye usoke abantwana bakwa-Israyeli ngokwesibili.”
3 UJoshuwa wazenzela omese bensengetsha, wabasika abantwana bakwa-Israyeli eDulini Lamajwabu.
4 Nasi isizathu uJoshuwa abasoka ngaso: bonke abantu abaphuma eGibithe ababengabesilisa, onke amadoda empi, bafa ehlane ngasendleleni, sebephumile eGibithe.
5 Ngokuba bonke abantu abaphuma babesokiwe, kepha bonke abantu abazalwa ehlane ngasendleleni ekuphumeni kwabo eGibithe babengabasokanga.
6 Ngokuba abantwana bakwa-Israyeli bahamba iminyaka engamashumi amane ehlane, saze saphela isizwe sonke, yiwo amadoda empi aphuma eGibithe, lokhu engalalelanga izwi likaJehova, afunga kuwo uJehova ukuthi akayikuwabonisa izwe uJehova alifungela oyise ethi uyakusinika lona, izwe elivame ubisi nezinyosi.
7 Abantwana bawo abavusa esikhundleni sawo bona uJoshuwa wabasoka, ngokuba babengabangasokile, lokhu bengabasokanga endleleni.