8 Kwathi lapho uJoshuwa esekhulumile kubantu, abapristi abayisikhombisa bethwele amacilongo ayisikhombisa ejubili* phambi kukaJehova badlula, babetha amacilongo, umphongolo wesivumelwano sikaJehova wabalandela.
9 Abahlomileyo bahamba phambi kwabapristi ababetha amacilongo, nesigaba sasemuva sawulandela umphongolo, bebetha amacilongo besahamba.
10 UJoshuwa wayala abantu, wathi: “Aniyikukhamuluka; ningalizwakalisi izwi lenu, kungaphumi gama emlonyeni wenu, kuze kufike usuku engiyakuthi ngalo kini: ‘Khamulukani!’ Bese nikhamuluka.”
11 Wayesenza ukuba umphongolo kaJehova uzungeze umuzi, wawuhaqa kanye; base befika ekamu,* balala ubusuku ekamu.
12 UJoshuwa wavuka ekuseni kakhulu, abapristi bathatha umphongolo kaJehova.
13 Abapristi abayisikhombisa, bethwele amacilongo ayisikhombisa ejubili* phambi komphongolo kaJehova, bahamba njalo bewabetha amacilongo; abahlomileyo bahamba phambi kwabo, nesigaba sasemuva sawulandela umphongolo kaJehova, bebetha amacilongo besahamba.
14 Ngosuku lwesibili bawuzungeza umuzi kanye, babuyela ekamu;* benze njalo izinsuku eziyisithupha.