11 Bonke abantu bempi ayenabo bakhuphuka, basondela, baya phambi komuzi, bamisa ngasenyakatho kwase-Ayi; kwakukhona isigodi phakathi kwakhe ne-Ayi.
12 Wathatha amadoda kungathi izinkulungwane eziyisihlanu, wawaqamekelisa phakathi kweBethele ne-Ayi ngasentshonalanga komuzi.
13 Sebehleliwe abantu, lonke ibandla elalingasenyakatho komuzi nabaqamekeleyo babo ababengasentshonalanga komuzi, uJoshuwa waya ngalobo busuku phakathi kwesigodi.
14 Kwathi inkosi yase-Ayi ikubona lokho, ashesha avuka ekuseni amadoda omuzi, aphuma ukuhlasela u-Israyeli, yona nabantu bayo, endaweni enqunyiweyo ngaphambi kwehlane; yayingazi nokho ukuthi babekhona abayiqamekeleyo ngasemva komuzi.
15 UJoshuwa nabo bonke abakwa-Israyeli benza kungathi bahluliwe phambi kwabo, babaleka ngendlela eya ehlane.
16 Bonke abantu basemzini babizwa ukuba babaxoshe; bamxosha uJoshuwa, basuswa emzini.
17 Akusalanga muntu e-Ayi naseBethele ongaphumanga ukubaxosha abakwa-Israyeli, bawushiya umuzi ugengelezile, babaxosha abakwa-Israyeli.