23 Inkosi yase-Ayi bayibamba isaphila, bayiyisa kuJoshuwa.
24 Kwathi lapho u-Israyeli eseqedile ukubulala bonke abakhileyo e-Ayi endle ehlane, lapho ebebaxoshele khona, bese bewe bonke ngosiko lwenkemba baze baqedwa, bonke abakwa-Israyeli babuyela e-Ayi, balichitha ngosiko lwenkemba.
25 Bonke abawa ngalolo suku, abesilisa nabesifazane, babeyizinkulungwane eziyishumi nambili, abantu bonke base-Ayi.
26 UJoshuwa akabuyisanga isandla sakhe awelula ngaso umkhonto, engakaqothuli bonke abakhileyo e-Ayi.
27 Izinkomo kuphela nempango yalowo muzi u-Israyeli waziphangela khona, njengezwi likaJehova amyala ngalo uJoshuwa.
28 UJoshuwa wayeselishisa i-Ayi, walenza laba yiduma lenxiwa kuze kube phakade; liyincithakalo kuze kube namuhla.
29 Inkosi yase-Ayi wayiphanyeka emthini kwaze kwahlwa; ukushona kwelanga uJoshuwa wabayala ukuba behlise isidumbu sayo emthini, basintshinga ngasesikhaleni sesango lomuzi, wamisa phezu kwaso inqwaba enkulu yamatshe ekhona nanamuhla.