27 Izinkomo kuphela nempango yalowo muzi u-Israyeli waziphangela khona, njengezwi likaJehova amyala ngalo uJoshuwa.
28 UJoshuwa wayeselishisa i-Ayi, walenza laba yiduma lenxiwa kuze kube phakade; liyincithakalo kuze kube namuhla.
29 Inkosi yase-Ayi wayiphanyeka emthini kwaze kwahlwa; ukushona kwelanga uJoshuwa wabayala ukuba behlise isidumbu sayo emthini, basintshinga ngasesikhaleni sesango lomuzi, wamisa phezu kwaso inqwaba enkulu yamatshe ekhona nanamuhla.
30 Khona uJoshuwa wamakhela uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli i-altare entabeni yase-Ebali,
31 njengalokho uMose inceku kaJehova wayala abantwana bakwa-Israyeli, njengokulotshiweyo encwadini yomthetho kaMose, i-altare lamatshe angabaziwe, angaphakanyiselwanga muntu insimbi; banikela phezu kwalo ngeminikelo yokushiswa kuJehova, banikela ngeminikelo yokuthula.
32 Waloba khona ematsheni impinda yomthetho kaMose ayilobayo phambi kwabantwana bakwa-Israyeli.
33 Bonke abakwa-Israyeli namalunga abo, nezinduna zabo, nabahluleli babo babemi ngalapha nangalapha komphongolo phambi kwabapristi bamaLevi abathwala umphongolo wesivumelwano sikaJehova, abafokazi nabokuzalwa ekhaya, inxenye yabo ibhekene nentaba yaseGerizimu, inxenye yabo ibhekene nentaba yase-Ebali, njengalokho uMose inceku kaJehova ebeyalile, ukuba babusise abantu bakwa-Israyeli kuqala.