3 UJoshuwa wasuka kanye nabo bonke abantu bempi ukuba akhuphukele e-Ayi; uJoshuwa wakhetha amadoda ayizinkulungwane ezingamashumi amathathu amaqhawe anamandla, wawathuma ebusuku.
4 Wawayala ngokuthi: “Bhekani, niyakuwuqamekela umuzi, emva komuzi, ningayi kude kakhulu nomuzi, nihlale nilungele nonke.
5 Mina nabantu bonke abanami siyakusondela emzini; kuyakuthi lapho bephuma ukusihlasela njengakuqala, sibaleke phambi kwabo.
6 Bayakuphuma, basilandele, size sibasuse emzini, ngokuba bayakusho ukuthi: ‘Babaleka phambi kwethu njengakuqala,’ bese sibaleka phambi kwabo;
7 niyakusuka ekuqamekeleni, niwudle umuzi, ngokuba uJehova uNkulunkulu wenu uyakuwunikela esandleni senu.
8 Kuyakuthi lapho seniwuthathile umuzi, nithungele umuzi ngomlilo, nenze njengezwi likaJehova; bhekani, senginiyalile.”
9 UJoshuwa wayesebathuma, baya ukuyoqamekela, bahlala phakathi kweBethele ne-Ayi ngasentshonalanga kwase-Ayi; uJoshuwa walala lobo busuku phakathi kwabantu.