12 Lesi sinkwa somphako wethu sasithatha sisashisa ezindlini zethu ngosuku esaphuma ngalo ukuba siye kini; kepha manje, bhekani, sesomile, sikhuntile;
13 lezi zimvaba zewayini esazigcwalisa zazizintsha; bhekani, seziklebhukile; lezi zingubo zethu nezicathulo zethu sezigugile ngenxa yendlela ende kakhulu.”
14 Amadoda ayesethatha emphakweni wabo engabuzanga umlomo kaJehova.
15 UJoshuwa wabethembisa ukuthula, wenza isivumelwano nabo ukuba baphile; izikhulu zenhlangano zafunga kubo.
16 Kwathi emva kwezinsuku ezintathu sebesenzile isivumelwano nabo, bezwa ukuthi bangabakhelwane babo nokuthi bahlala phakathi kwabo.
17 Abantwana bakwa-Israyeli base besuka, bafika emizini yabo ngosuku lwesithathu; imizi yabo yayiyiGibeyoni, neKefira, neBeroti, neKiriyati Jeharimi.
18 Abantwana bakwa-Israyeli ababachithanga, ngokuba izikhulu zenhlangano zazifungile kubo uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli. Yonke inhlangano yakhonona ngezikhulu.