1 ONadabi no-Abihu amadodana ka-Aroni bathatha bobabili imicengezi yabo yomlilo, bafaka umlilo kuyo, babeka impepho phezulu, banikela phambi kukaJehova ngomlilo ongafanele, angabayalanga ngawo.
2 Kwaphuma umlilo ngaphambi kukaJehova, wabaqeda, bafa phambi kukaJehova.
3 UMose wayesethi ku-Aroni: “Yikho uJehova akukhuluma, ethi:“ ‘Kubo abaseduze namingiyakungcweliswa,phambi kwabantu bonke ngiyakukhazimuliswa.’ ”U-Aroni wathula.
4 UMose wabiza oMishayeli no-Elisafani amadodana ka-Uziyeli, uyisekazi ka-Aroni, wathi kubo: “Sondelani, nibasuse abafowenu ngaphambi kwendlu engcwele, nibakhiphele ngaphandle kwekamu.*”
5 Base besondela, babasusa bembethe amabhantshi abo, babakhiphela ngaphandle kwekamu,* njengalokho eshilo uMose.
6 UMose wayesethi ku-Aroni naku-Eleyazare naku-Itamari amadodana akhe: “Ningathukululi izinwele zamakhanda enu, ningaklebhuli izambatho zenu ukuba ningafi, ingathukuthelelwa yonke inhlangano, kepha abafowenu, yonke indlu yakwa-Israyeli, mabalilele ukushisa akuphembileyo uJehova.