Ulevitikusi 9 ZUL59

Umnikelo wokuqala ka-Aroni

1 Kwathi ngosuku lwesishiyagalombili uMose wabiza u-Aroni namadodana akhe namalunga akwa-Israyeli,

2 wathi ku-Aroni: “Mawuzithathele ithole lenkunzi, libe ngumnikelo wesono, nenqama ibe ngumnikelo wokushiswa, okungenasici, unikele ngakho phambi kukaJehova.

3 Khuluma kubantwana bakwa-Israyeli, uthi: ‘Thathani impongo, ibe ngumnikelo wesono, nethole newundlu, omabili abe nomnyaka munye, angenasici, abe ngumnikelo wokushiswa,

4 nenkunzi nenqama zibe yiminikelo yokuthula, zihlatshwe phambi kukaJehova, nomnikelo wempuphu oxovwe namafutha, ngokuba namuhla uJehova uyabonakala kini.’ ”

5 Baletha-ke lokho uMose akuyalayo phambi kwetende lokuhlangana, nenhlangano yonke yasondela, yema phambi kukaJehova.

6 Wayesethi uMose: “Nansi into uJehova ayala ngayo ukuba niyenze, kuze kubonakale kini inkazimulo kaJehova.”

7 UMose wathi ku-Aroni: “Sondela e-altare, unikele ngomnikelo wakho wesono nangomnikelo wakho wokushiswa, uzenzele wena nabantu ukubuyisana, andukuba unikele ngomnikelo wabantu, ubenzele ukubuyisana, njengalokho uJehova eyalile.”

8 U-Aroni wayesesondela e-altare, walihlaba ithole lomnikelo wesono ongowakhe.

9 Amadodana ka-Aroni aletha igazi kuye; wagcobhoza umunwe egazini, walibheca ezimpondweni ze-altare, wathulula elinye igazi ngasesinqeni se-altare;

10 kepha amanoni nezinso namanoni aphezu kwesibindi emnikelweni wesono wakushisa e-altare, njengalokho uJehova emyalile uMose.

11 Inyama nesikhumba wakushisa ngomlilo ngaphandle kwekamu.*

12 Wawuhlaba umnikelo wokushiswa; amadodana ka-Aroni aletha kuye igazi, wafafaza ngalo i-altare nxazonke.

13 Anikeza kuye umnikelo wokushiswa izitho ngezitho kanye nenhloko, wakushisa e-altare.

14 Wahlanza izibilini namanqina, wakushisa phezu komnikelo wokushiswa e-altare.

15 Wayeseletha umnikelo wabantu, wathatha impongo yomnikelo wesono ongowabantu, wayihlaba, wanikela ngayo ngenxa yesono njengowokuqala.

16 Waletha umnikelo wokushiswa, wanikela ngawo njengokwesimiso.

17 Wayeseletha umnikelo wempuphu, wagcwalisa isandla sakhe ngawo, wawushisa e-altare ngaphandle komnikelo wokushiswa wasekuseni.

18 Wahlaba inkunzi nenqama, zibe ngumhlatshelo weminikelo yokuthula ongowabantu; amadodana ka-Aroni aletha kuye igazi owafafaza ngalo i-altare nxazonke,

19 namanoni enkunzi nawenqama, nomsila ononileyo, nalawo asibekela izibilini, nezinso, namanoni esibindi,

20 abeka amanoni phezu kwezifuba; wawashisa amanoni e-altare;

21 izifuba nomlenze wokunene wakuzulisa, kube ngumnikelo wokuzuliswa phambi kukaJehova, njengalokho uMose eyalile.

22 U-Aroni waphakamisela izandla zakhe kubantu, wababusisa; wayesehla ekunikeleni ngomnikelo wesono nangomnikelo wokushiswa nangeminikelo yokuthula.

23 OMose no-Aroni bangena etendeni lokuhlangana, babuye baphuma, bababusisa abantu; yayisibonakala inkazimulo kaJehova kubantu bonke.

24 Kwaphuma umlilo ngaphambi kukaJehova, waqeda umnikelo wokushiswa namanoni e-altare; sebekubona abantu bonke bananela, bakhothamela phansi ngobuso.

Izahluko

1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21 22 23 24 25 26 27