5 Base besondela, babasusa bembethe amabhantshi abo, babakhiphela ngaphandle kwekamu,* njengalokho eshilo uMose.
6 UMose wayesethi ku-Aroni naku-Eleyazare naku-Itamari amadodana akhe: “Ningathukululi izinwele zamakhanda enu, ningaklebhuli izambatho zenu ukuba ningafi, ingathukuthelelwa yonke inhlangano, kepha abafowenu, yonke indlu yakwa-Israyeli, mabalilele ukushisa akuphembileyo uJehova.
7 Ningaphumi emnyango wetende lokuhlangana, funa nife, ngokuba amafutha okugcoba kaJehova aphezu kwenu.” Benza-ke njengezwi likaMose.
8 UJehova wakhuluma ku-Aroni, wathi:
9 “Ungaphuzi wayini naluphuzo olunamandla, wena namadodana akho kanye nawe, nxa ningena etendeni lokuhlangana, ukuba ningafi; kuyakuba yisimiso esiphakade ezizukulwaneni zenu.
10 Niyakwahlukanisa okungcwele nokungengcwele, okungcolileyo nokuhlambulukileyo,
11 nize nifundise abantwana bakwa-Israyeli zonke izimiso uJehova azikhulume kubo ngesandla sikaMose.”