1 UJehova wakhuluma kuMose naku-Aroni, wathi kubo:
2 “Yishoni kubantwana bakwa-Israyeli, nithi: ‘Yilokhu okuphilayo eningakudla kuzo zonke izilwane zasemhlabeni:
3 zonke ezahlukanisa inselo, nezidabula inselo kabili, nezetshisayo kuzo izilwane, lezo ningazidla.
4 “ ‘Kepha lezi aniyikuzidla kwezetshisayo nakwezahlukanisa inselo: ikamela, ngokuba liyetshisa, lingahlukanisi kodwa inselo; lingcolile kini;
5 nembila, ngokuba iyetshisa, ingahlukanisi kodwa inselo; ingcolile kini;
6 nonogwaja, ngokuba uyetshisa, engahlukanisi kodwa inselo; ungcolile kini;