29 “ ‘Lezi zingcolile kini kuzo izilwanyana ezinwabuzelayo emhlabeni: uchakide, nempuku, noxamu ngezinhlobo zakhe,
30 nesigcilikisha, nesiquzi, nentulo, nesibankwa, nonwabu.
31 Yilezo ezingcolile kini phakathi kwezilwanyana ezinwabuzelayo; bonke abazithintayo sezifile bayakuba ngabangcolile kuze kuhlwe.
32 Konke esiwela phezu kwakho esinye sazo sezifile kuyakuba ngokungcolile, noma kuyinto yomuthi noma yingubo noma yisikhumba noma yisaka noma yintoni okusetshenzwa ngayo; makufakwe emanzini, kube ngokungcolile kuze kuhlwe; khona kuyakuhlanzeka.
33 Nezitsha zonke esiwela kuzo esinye sazo, noma yintoni ephakathi kwazo iyakuba ngengcolile, nize nizaphule.
34 Konke ukudla okudliwayo okukuzo, afika kukho futhi amanzi anjalo, kuyakuba ngokungcolile, nakho konke okuphuzwayo kuzo izitsha ezinjalo kuyakuba ngokungcolile.
35 Konke esiwela kukho isidumbu sazo kuyakuba ngokungcolile, noma iziko noma ikhanzi; makuphohlozwe; kungcolile, kuyakuba ngokungcolile kini.