33 Nezitsha zonke esiwela kuzo esinye sazo, noma yintoni ephakathi kwazo iyakuba ngengcolile, nize nizaphule.
34 Konke ukudla okudliwayo okukuzo, afika kukho futhi amanzi anjalo, kuyakuba ngokungcolile, nakho konke okuphuzwayo kuzo izitsha ezinjalo kuyakuba ngokungcolile.
35 Konke esiwela kukho isidumbu sazo kuyakuba ngokungcolile, noma iziko noma ikhanzi; makuphohlozwe; kungcolile, kuyakuba ngokungcolile kini.
36 Kepha umthombo nomgodi lapho amanzi eqoqene khona uyakube uhlambulukile, kodwa okuthinta izidumbu zazo kuyakuba ngokungcolile.
37 Uma izidumbu zazo ziwela phezu kwembewu etshalwayo ezakuhlwanyelwa, iyakuba ngehlambulukile.
38 Kepha uma amanzi ethelwa embewini, izidumbu zazo ziwele phezu kwayo, ingcolile kini.
39 “ ‘Uma kufa isilwane esidliwayo, othinta isidumbu saso uyakuba ngongcolile kuze kuhlwe.