41 “ ‘Zonke izilwanyana ezinwabuzelayo emhlabeni ziyisinengiso; mazingadliwa.
42 Zonke ezihamba ngesisu, nazo zonke ezihamba ngezinyawo ezine noma ngeziningi, nazo zonke ezinwabuzelayo emhlabeni, ningazidli, ngokuba ziyisinengiso.
43 Ningazenzi ninengeke ngezilwanyana ezinwabuzelayo, ningazingcolisi ngazo, funa ningcole ngazo.
44 Ngokuba nginguJehova uNkulunkulu wenu; ngalokho zingcweliseni, nibe ngcwele, ngokuba mina ngingcwele; ningazingcolisi ngezilwanyana ezinwabuzelayo emhlabeni.
45 Ngokuba nginguJehova owakukhuphula ezweni laseGibithe, ngibe nguNkulunkulu wenu; ngalokho yibani ngcwele, ngokuba ngingcwele.
46 “ ‘Yilowo umthetho wezilwane nowezinyoni nowezilwane zonke eziswebezelayo emanzini, nowezilwanyana zonke ezinwabuzelayo emhlabeni,
47 ukuba kwahlukaniswe okungcolileyo nokuhlambulukileyo, okuphilayo okudliwayo nokuphilayo okungadliwayo.’ ”