6 nonogwaja, ngokuba uyetshisa, engahlukanisi kodwa inselo; ungcolile kini;
7 nengulube, ngokuba iyahlukanisa inselo, idabula inselo kabili, ingetshisi kodwa; ingcolile kini.
8 Ningadli inyama yazo, ningathinti izidumbu zazo; zingcolile kini.
9 “ ‘Lezi ningazidla kuzo zonke ezisemanzini: zonke ezinamaphiko nezingcwecwe ezisemanzini neziselwandle nezisemifuleni, lezo ningazidla.
10 Kepha zonke ezingenamaphiko nazingcwecwe eziselwandle nezisemifuleni, nazo zonke eziswebezelayo emanzini, nazo zonke izinto eziphilayo emanzini ziyisinengiso kini.
11 Zoba yisinengiso kini; ningadli inyama yazo; izidumbu zazo ziyakunengeka kini.
12 Zonke ezingenamaphiko nazingcwecwe emanzini ziyisinengiso kini.