34 ngosuku lwesikhombisa umpristi abheke umuna; uma umuna ungandile esikhumbeni, futhi ubonakala ungashonile kunesikhumba, bheka, umpristi makasho athi uhlambulukile; makahlanze izingubo zakhe, ahlambuluke.
35 Kepha uma umuna wanda esikhumbeni esehlambulukile,
36 umpristi wombheka; uma umuna wandile nokwanda esikhumbeni, bheka, umpristi makangafuni izinwele ezimpofu; ungcolile.
37 Kodwa uma ngokubona kwakhe umuna umi, kumilile kuwo izinwele ezimnyama, umuna usupholile, uhlambulukile; umpristi makasho athi uhlambulukile.
38 “Nanxa owesilisa noma owesifazane enamabala akhanyayo esikhumbeni senyama yabo, amabala amhlophe akhanyayo,
39 khona umpristi wobheka; uma amabala akhanyayo asesikhumbeni senyama yabo emhloshana efiphele, bheka, kuyisithembuzane esiqhamukile.
40 “Uma izinwele zomuntu zisukile ekhanda lakhe, uyimpandla; uhlambulukile.