11 Umpristi ohlambululayo uyakumbeka umuntu oyakuhlanjululwa kanye nalezo zinto phambi kukaJehova ngasemnyango wetende lokuhlangana;
12 umpristi athabathe enye imvu yeduna, anikele ngayo ibe ngumnikelo wecala, nelogi* lamafutha, akuzulise kube ngumnikelo wokuzuliswa phambi kukaJehova;
13 uyakuhlaba imvu yeduna endaweni lapho kuhlatshwa khona umnikelo wesono nomnikelo wokushiswa, indawo engcwele, ngokuba umnikelo wecala ungowompristi njengomnikelo wesono; ungcwelengcwele.
14 Umpristi wothabatha igazi kuwo umnikelo wecala, umpristi alibhece esicutshini sendlebe yokunene yoyakuhlanjululwa, nasesithupheni sesandla sakhe sokunene, nakuqukula wonyawo lwakhe lokunene,
15 umpristi athabathe kulo ilogi* lamafutha, awathele entendeni yesakhe isandla sokhohlo;
16 umpristi agcobhoze umunwe wakhe wokunene emafutheni asesandleni sakhe sokhohlo, afafaze ngamafutha phambi kukaJehova kasikhombisa ngomunwe wakhe.
17 Amafutha aseleyo asesandleni sakhe umpristi uyakuwabheca esicutshini sendlebe yokunene yoyakuhlanjululwa, nasesithupheni sesandla sakhe sokunene, nakuqukula wonyawo lwakhe lokunene, phezu kwegazi lomnikelo wecala.