3 umpristi aphume ekamu,* umpristi abheke; uma isifo sochoko sipholile konochoko,
4 bheka, umpristi makayale ukuba oyakuhlanjululwa athathelwe izinyoni ezimbili ezihlambulukileyo nomsedari* nendwangu ebomvu nehisopi,*
5 umpristi ayale ukuba ihlatshwe enye yezinyoni esitsheni sebumba phezu kwamanzi agobhozayo.
6 Inyoni ezwayo uyakuyithatha kanye nomsedari nendwangu ebomvu nehisopi,* akugcobhoze kanye nenyoni ezwayo egazini lenyoni eyahlatshwa phezu kwamanzi agobhozayo,
7 amfafaze kasikhombisa oyakuhlanjululwa ochokweni lwakhe, asho athi uhlambulukile, ayiyeke inyoni ezwayo, iphumele endle.
8 “Oyakuhlanjululwa makahlanze izingubo zakhe, aphucule zonke izinwele zakhe, ageze ngamanzi, ahlambuluke; emva kwalokho uyakungena ekamu,* kepha ahlale ngaphandle kwetende lakhe izinsuku eziyisikhombisa.
9 Kuyakuthi ngosuku lwesikhombisa aphucule zonke izinwele zekhanda lakhe nesilevu sakhe namashiya akhe, yebo, aphucule zonke izinwele zakhe, ahlanze izingubo zakhe, ageze umzimba wakhe ngamanzi, ahlambuluke.