15 umpristi anikele ngawo, elinye libe ngumnikelo wesono, elinye libe ngumnikelo wokushiswa, umpristi amenzele ukubuyisana phambi kukaJehova ngenxa yokucucuza kwakhe.
16 “ ‘Nxa umuntu eshaywa yizibuko, uyakugeza wonke umzimba wakhe ngamanzi, abe ngongcolile kuze kuhlwe.
17 Zonke izingubo nazo zonke izikhumba elikuzo izibuko lakhe ziyakuhlanzwa ngamanzi, zibe ngezingcolile kuze kuhlwe.
18 Nowesifazane elale naye indoda, imlalile yamthela ngamalotha, bayakugeza bobabili ngamanzi, babe ngabangcolile kuze kuhlwe.
19 “ ‘Uma owesifazane ecucuza, ukucucuza kwakhe kube yigazi, uyakuhlala engcolile izinsuku eziyisikhombisa; bonke abamthintayo bayakuba ngabangcolile kuze kuhlwe.
20 “ ‘Zonke izinto alala kuzo ekungcoleni kwakhe ziyakuba ngezingcolile; nakho konke ahlala kukho kuyakuba ngokungcolile.
21 Yilowo nalowo othinta umbhede wakhe uyakuhlanza izingubo zakhe, ageze ngamanzi, abe ngongcolile kuze kuhlwe.