21 Yilowo nalowo othinta umbhede wakhe uyakuhlanza izingubo zakhe, ageze ngamanzi, abe ngongcolile kuze kuhlwe.
22 Yilowo nalowo othinta noma intoni ahlala kuyo uyakuhlanza izingubo zakhe, ageze ngamanzi, abe ngongcolile kuze kuhlwe.
23 Uma kusembhedeni noma kukuyiphi into ahlala kuyo, nxa kuthintwa ngumuntu, yena uyakuhlala engcolile kuze kuhlwe.
24 “ ‘Uma indoda ilala naye, ukungcola kwakhe kube kuyo, iyakuba ngengcolile izinsuku eziyisikhombisa; nayo yonke imibhede alala kuyo iyakuba ngengcolile.
25 “ ‘Uma owesifazane ecucuza igazi lakhe izinsuku eziningi, zingabi ngezokungcola kwakhe, noma ecucuza kudlula isikhathi sokungcola kwakhe, zonke izinsuku zokucucuza kokungcola kwakhe uyakuba njengasezinsukwini zokungcola kwakhe; ungcolile.
26 Imibhede yonke alala kuyo zonke izinsuku zokucucuza kwakhe iyakuba kuye njengombhede wokungcola kwakhe; zonke izinto ahlala kuzo ziyakuba ngezingcolile njengokungcola kwefindo lakhe.
27 Yilowo nalowo othinta lezo zinto uyakuba ngongcolile, ahlanze izingubo zakhe, ageze ngamanzi, abe ngongcolile kuze kuhlwe.