26 Imibhede yonke alala kuyo zonke izinsuku zokucucuza kwakhe iyakuba kuye njengombhede wokungcola kwakhe; zonke izinto ahlala kuzo ziyakuba ngezingcolile njengokungcola kwefindo lakhe.
27 Yilowo nalowo othinta lezo zinto uyakuba ngongcolile, ahlanze izingubo zakhe, ageze ngamanzi, abe ngongcolile kuze kuhlwe.
28 “ ‘Kepha uma ehlambuluka ekucucuzeni kwakhe, makazibalele izinsuku eziyisikhombisa, andukuba ahlambuluke.
29 Ngosuku lwesishiyagalombili wozithabathela amahobhe amabili noma amaphuphu amabili amajuba, awalethe kumpristi ngasemnyango wetende lokuhlangana.
30 Umpristi uyakunikela ngelinye libe ngumnikelo wesono, elinye libe ngumnikelo wokushiswa, umpristi amenzele ukubuyisana phambi kukaJehova ngenxa yokucucuza kokungcola kwakhe.
31 “ ‘Kanjalo niyakwahlukanisa abantwana bakwa-Israyeli nokungcola kwabo ukuba bangafi ekungcoleni kwabo, lapho bengcolisa itabernakele* lami eliphakathi kwabo.’ ”
32 Lowo ungumthetho wocucuzayo nowoshaywa yizibuko, aze angcole ngakho,