30 Umpristi uyakunikela ngelinye libe ngumnikelo wesono, elinye libe ngumnikelo wokushiswa, umpristi amenzele ukubuyisana phambi kukaJehova ngenxa yokucucuza kokungcola kwakhe.
31 “ ‘Kanjalo niyakwahlukanisa abantwana bakwa-Israyeli nokungcola kwabo ukuba bangafi ekungcoleni kwabo, lapho bengcolisa itabernakele* lami eliphakathi kwabo.’ ”
32 Lowo ungumthetho wocucuzayo nowoshaywa yizibuko, aze angcole ngakho,
33 nowogula ngokungcola kwakhe, nowocucuzayo, umlisa noma owesifazane, nowakhe olala nongcolileyo.