28 Ozishisayo wohlanza izingubo zakhe, ageze umzimba wakhe ngamanzi, andukuba angene ekamu.*
29 Lokhu kuyakuba yisimiso esiphakade kini: ngenyanga yesikhombisa ngolweshumi lwenyanga niyakuthobisa imiphefumulo yenu, ningasebenzi msebenzi, owokuzalwa ekhaya nomfokazi ogogobeleyo phakathi kwenu.
30 Ngokuba ngalolo suku niyakwenzelwa ukubuyisana ukuba nihlanjululwe; niyakuhlambuluka ezonweni zenu zonke phambi kukaJehova.
31 Kuyisabatha lokuphumula okuzothileyo kini; anothobisa imiphefumulo yenu; kuyisimiso esiphakade.
32 Umpristi oyakugcotshwa ahlukaniselwe abe ngumpristi esikhundleni sikayise uyakwenza ukubuyisana, afake izambatho zelineni, izambatho ezingcwele,
33 enzele indlu engcwele ukubuyisana, enzele abapristi nabantu bonke bebandla ukubuyisana.
34 Lokho kuyakuba yisimiso esiphakade kini ukwenzela abantwana bakwa-Israyeli ukubuyisana ngenxa yezono zabo zonke kanye ngomnyaka.Wenza-ke njengalokho uJehova emyalile uMose.